Skip to Content

"zikayise"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:17

uHadadi wabaleka , yena nabakwa -Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.

1 AmaKhosi 15:15

Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

1 AmaKhosi 15:3

Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.

1 iziKronike 25:3

KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni : ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owapr ofetha ngehabhu ngokubonga nangokudumisa uJehova.

1 iziKronike 25:6

Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.

1 uSamuweli 17:15

UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.

1 uSamuweli 17:34

UDavide wathi kuSawule : Inceku yakho yayizalusa izimvu zikayise ; lapho kwafika ingonyama nebhere kwathatha imvu emhlambini,

2 iziKronike 15:18

Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

2 iziKronike 17:3

UJehova wayenaye uJehoshafati , ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,

2 uSamuweli 16:22

Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

U-Eksodusi 2:16

UMpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika ukukha amanzi, agcwalisa imiqengqe eyophuzisa izimvu zikayise.

UGenesise 26:15

Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika - Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.

UGenesise 29:9

Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa.

UGenesise 31:19

ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe , uRaheli weba izithixo zikayise.

UHezekeli 18:14

Bheka, uma ezala indodana ebona zonke izono zikayise azenzileyo , ibone ingenzi njengazo: