Skip to Content

"zokubethwa"

15 occurrences in ZUL

1 iziKronike 23:5

izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo , washo uDavide , ukuba zidumise ngazo.

2 iziKronike 23:13

wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa , bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe , wathi: Ngugobe! Ngugobe!

2 iziKronike 29:26

AmaLevi ayesema ephethe izinto zokubethwa zikaDavide , ekanye nabapristi bephethe amacilongo.

2 iziKronike 29:27

UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala kom nikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova , namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.

2 iziKronike 30:21

Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.

2 iziKronike 34:12

Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka ; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati , ukuba babahole , kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa.

2 iziKronike 5:13

nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova , nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa , bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu , yona le ndlu kaJehova,

2 iziKronike 7:6

Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLev i, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova , ngokuba umusa wakhe umi phakade , lapho uDavide edumisa ngezandla zabo ; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.

U-Amose 6:5

Bahaya ngomsindo wogubhu , baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

UDaniyeli 3:10

Wena nkosi ukhiphe isimemezelo sokuba bonke abantu abezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa bawe phansi, bakhuleke esithombeni segolide,

UDaniyeli 3:15

Manje uma nilungele ukuba ng esikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi , nikhuleke esithombeni engisenzileyo , kuhle; kepha uma ningakhuleki , niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwes ithando somlilo ovuthayo ; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?

UDaniyeli 3:5

ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo , negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa , niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.

UDaniyeli 3:7

Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo , negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu , nezizwe, nezilimi bawa phansi , bakhuleka esithombeni segolide asimisile yo uNebukadinesari inkosi.

UDaniyeli 6:18

Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.

UNehemiya 12:36

nabafowabo oShemaya , no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDa vide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.