Skip to Content

"zokubukwa"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:48

USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,

1 iziKronike 23:29

eyezinkwa zokubukwa , neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu , neyemiqathane engenamvubelo , neyokuphekwe ekhanzini , neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;

1 iziKronike 28:16

nangesisindo segolide lamatafula ezinkwa zokubukwa , amatafula ngamatafula, nangesiliva lamatafula esiliva;

1 iziKronike 9:32

Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.

2 iziKronike 29:18

Base bengena phakathi kuHezekiya inkosi, bathi: Sihlambulule yonke indlu kaJehova, ne-altare leminikelo yokushiswa , kanye nazo zonke izinto zayo , netafula lezinkwa zokubukwa.

2 iziKronike 2:4

Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona , ngishise ph ambi kwakhe impepho ethaphukayo , kubekwe njalo izinkwa zokubukwa , kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha , nangokwethwasa kwenyanga , nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu . Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.

2 iziKronike 4:19

USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaNkulu nkulu, kanye ne- altare legolide, namatafula okwakukhona kuwo izinkwa zokubukwa,

KumaHeberu 9:2

Ngokuba kwakhiwa itabernakele lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, netafula, nezinkwa zokubukwa, okuthiwa elingcwele;

NgokukaLuka 6:4

ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu , wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?

NgokukaMarku 2:26

ukuthi w angena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu , ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?

NgokukaMathewu 12:4

ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu , wadla izink wa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na?

U-Eksodusi 35:13

itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;

U-Eksodusi 39:36

itafula nezinto zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;

ULevitikusi 24:4

alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova. Imithetho yezinkwa zokubukwa

UNumeri 4:7

Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza , babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.