"zokulwa"
13 occurrences in ZUL
KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa , yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.
Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
iyakuzibekela wona abe yizinduna zez inkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo , avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.
ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama , kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!
Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase -Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa.
Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango.
Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.
Nase niphendula , nithi kimi : S onile kuJehova ; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu . Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa ; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.
Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaq hawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa , abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo , ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.
Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu , enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange , ngizibuthe phakathi nalo muzi.
Uyizembe lami nezikhali zokulwa ; ngiyaphahlaza izizwe ngawe , ngawe ngiyachitha imibuso,
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa , ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.